Amavesi EBhayibheli ngezingane
- UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”
- Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.
- Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;
kuyakuthi lapho esekhulile,
angasuki kuyo. - Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo
ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo. - Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
- Abantwana babantwana bangumqhele wabadala,
nodumo lwabantwana lungoyise. - Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
- Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.
- Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.
- Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
- Babusisiwe abalamulayo,
ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. - Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”
- Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu.
- Isiwula siyadelela ukulaya kukayise,
kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda. - Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.
- Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.
- Kepha-ke uma umuntu engabondli abakubo, kakhulu abakwakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi kunongakholwayo.
- Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe.
- Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.
- Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.
- Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.
- Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
- Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
- Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”
- Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya.
Izihloko ezihlobene
Umndeni
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngubani onguNkulunkulu onjengaweothethelela insali yefa lakho ububi bayo,
uyiyekele isiphambeko sayo, na?
Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
ngokuba wenamela umusa.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.Ivesi elilandelayo