Amavesi EBhayibheli ngomhlengi
- UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,
iqhawe eliyakukusindisa;
uyakujabula ngawe ngentokozo,
athule othandweni lwakhe,
ethabe ngawe ngokuhlabelela. - Ngiyakuthanda, Jehova,
mandla ami.
Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;
uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,
nesihlangu sami,
nophondo lokusindiswa kwami,
inqaba yami ephakemeyo. - Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
- UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
- Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo. - Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,
nezono zakho njengemilaza;
buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile. - Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
- Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.
- Ziningi izinhlupheko zolungileyo,
kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. - Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,
umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,
ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,
wangisibekela ngesambatho sokulunga,
njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,
nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe. - Izindebe zami zizakujabula,
ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo. - UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo. - Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.
- Izikhathi zami zisesandleni sakho;
ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo. - Ithemba lami ngilibeka kuwe Jehova;
mawungangijabhisi naphakade;
ngikhulule ngokulunga kwakho. - Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
- Nina enithanda uJehova zondani okubi;
uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;
uyabasindisa ezandleni zababi. - Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,
ngenxa yenkazimulo yegama lakho;
usikhulule, usithethelele izono zethu
ngenxa yegama lakho. - Jehova, hlenga umphefumulo wami emlonyeni wamanga
nasolimini lwenkohliso.
Izihloko ezihlobene
Inkululeko
UKristu wasikhulula ukuba sibe...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ubugqila
UKristu wasikhulula ukuba sibe...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ngubani onguNkulunkulu onjengaweothethelela insali yefa lakho ububi bayo,
uyiyekele isiphambeko sayo, na?
Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
ngokuba wenamela umusa.