DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

UZakariya

  • Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.
  • Thokoza kakhulu,
    ndodakazi yaseSiyoni;
    jabula nokujabula,
    ndodakazi yaseJerusalema;
    bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
    ilungile, inensindiso,
    ithobekile, ikhwele imbongolo,
    ithole, inkonyane yembongolokazi.
  • UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.
  • Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
  • ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.
  • Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.
  • Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,
    ngisindise indlu yakwaJosefa,
    ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,
    babe kungathi angizange ngibalahle,
    ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;
    ngiyakubezwa.

Amavesi eBhayibheli osuku

Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela