Amavesi EBhayibheli ngesibindi
- UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.
- Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.
- Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
- Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.
- Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova. - Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. - Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
- Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
- Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.
- Lindela uJehova, uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova. - Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala. Ngokuba bonke bambona, bethuka.
Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
Izihloko ezihlobene
Isikhuthazo
Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...
Ukudabuka
Labo bayakhala, uJehova uyezwa...