DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Amavesi EBhayibheli ngobugqila

  • UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
  • UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”
  • Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”
  • Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.
  • Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki nkani, zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
  • Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
  • Isicebi sibusa phezu kwabampofu,
    nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
  • Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
  • Njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
  • Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:
    ukuthukulula izibopho zobubi
    nokuxegisa imichilo yejoka;
    ukukhulula abacindezelwayo
    nokwaphula onke amajoka na?
  • Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu.
  • UMoya weNkosi uphezu kwami,
    ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,
    ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
    nokubona kwabayizimpumputhe,
    nokuhlenga abacindezelweyo.
  • Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono.
  • Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
  • Isandla sabakhutheleyo siyakubusa,
    kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi.
  • Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.
  • Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.
  • Ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu, nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo, ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina.

Amavesi eBhayibheli osuku

Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela