DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Ingobo yomlando (Mashi 2020)

ULwesibili, Mashi 31, 2020

Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

UMsombuluko, Mashi 30, 2020

Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;
isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.

UMgqibelo, Mashi 28, 2020

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.

ULwesihlanu, Mashi 27, 2020

Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga.

ULwesine, Mashi 26, 2020

UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”

ULwesithathu, Mashi 25, 2020

Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?

ULwesibili, Mashi 24, 2020

Njengalokho aphuma esizalweni sikanina,
uyakubuye amuke,
ahambe ze njengasekufikeni kwakhe,
engatholi lutho ngomshikashika wakhe,
ahambe nalo esandleni sakhe.

UMsombuluko, Mashi 23, 2020

Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.

ISonto, Mashi 22, 2020

Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.

UMgqibelo, Mashi 21, 2020

Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami.

ULwesihlanu, Mashi 20, 2020

Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.

ULwesine, Mashi 19, 2020

Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.

ULwesithathu, Mashi 18, 2020

Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,
abathemba umusa wakhe.

ULwesibili, Mashi 17, 2020

Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli.

UMsombuluko, Mashi 16, 2020

Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.

ISonto, Mashi 15, 2020

Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.

UMgqibelo, Mashi 14, 2020

Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”
Amen. Woza, Nkosi Jesu!

ULwesihlanu, Mashi 13, 2020

Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.

ULwesine, Mashi 12, 2020

Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe;
abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.

ULwesithathu, Mashi 11, 2020

Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.

ULwesibili, Mashi 10, 2020

Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.

UMsombuluko, Mashi 9, 2020

Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

ISonto, Mashi 8, 2020

Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

UMgqibelo, Mashi 7, 2020

Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando.

ULwesihlanu, Mashi 6, 2020

Omubi uthola inzuzo yenkohliso,
kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo oqinisekileyo.

ULwesine, Mashi 5, 2020

Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

ULwesithathu, Mashi 4, 2020

Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.

ULwesibili, Mashi 3, 2020

Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami
makuthandeke ebusweni bakho, Jehova,
dwala lami nomhlengi wami.

UMsombuluko, Mashi 2, 2020

Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,
nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;
lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova
nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.

ISonto, Mashi 1, 2020

Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayikulahlula.

Amavesi eBhayibheli osuku

Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:

Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakho

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela