- Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.
- Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.
- Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.
- UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.
- Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale, ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.
- Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.
- UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.
- UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”
- UJehova wasiyala ukwenza zonke lezo zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kithi njalo, ukuba asiphe siphile njenganamuhla.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukuthula
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Amavesi eBhayibheli osuku
UNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,akhiphele iziboshwa ekubuseni;
ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.