- Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.
- Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
- Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
- Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
- Yayideleliwe, yashiywa ngabantu,
umuntu wobuhlungu owazi ukugula;
yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,
asiyishayanga nto yalutho. - Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
- Nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala.
- Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.
- Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.
- Uthando silwazi ngalokho ukuthi yena wabeka ukuphila kwakhe ngenxa yethu; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane.
- Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.
- Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
- Nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.
- UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
- Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
- Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.
- Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
- Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.
- Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
- Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
- Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa, wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
- Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.
- Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
- Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu.
- Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
Izihloko ezihlobene
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...