DailyVerses.netIzihlokoIvesi elingahleliweBhalisa

Septhemba 11, 2024

KwabaseKolose 4:5-6 - ZUL59
Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

Amavesi eBhayibheli osuku

Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.

Ivesi leBhayibheli elingahleliwe

Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo.
Ivesi elilandelayo

Sekela iDailyVerses.net

Siza mina ukusakaza iZwi lika Nkulunkulu
Nikela