Amavesi EBhayibheli ngokukhuluma
- Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo. - Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
- Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.
- Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe;
okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo. - Ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.
- Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila,
kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya. - Nesiwula lapho sithule kuthiwa isihlakaniphi;
ovala umlomo wakhe ungoqondileyo. - Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
- Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.
- Lapho amazwi emaningi khona,
akuphuthi ukuphambeka;
obamba umlomo wakhe uhlakaniphile. - Sivulele isimungulu umlomo wakho,
umele bonke abantwana abayizintandane. - Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe,
nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani! - Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka. - Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
- Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.
- Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba. - Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa,
kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona. - Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
- Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,
nalo udumo lwakho usuku lonke. - Emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.
- Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
- Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa.
- Lapho kungekho khona ukululekana,
amasu ayachitheka,
kepha ngobuningi babeluleki ayakuma. - Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
- Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
Izihloko ezihlobene
Ukuqamba amanga
Izindebe zamanga ziyisinengiso kuJehova...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Iqiniso
Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Inhlebo
Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Mbonge uJehova, mphefumulo wami;konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.Ivesi elilandelayo