Amavesi EBhayibheli ngokuthela
- Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,
nothemba lakhe linguJehova.
Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,
ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,
ongesabi lapho kufika ukushisa,
amaqabunga awo abe luhlaza,
angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,
anganqamuki ukuthela izithelo. - Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.
- Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.
- Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
- UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.
- Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.
- Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze, ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.
- Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.
- Noma umkhiwane ungakhahleli,
kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami. - Ukufa nokuphila kusemandleni olimi,
nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo. - Liyakuba njalo izwi lami
eliphuma emlonyeni wami:
aliyikubuyela ze kimi,
lingakafezi lokhu engikufunayo,
liphumelele kulokhu engilithumele kukho. - Ukulaya konke okwamanje kungathi akusikho okwentokozo, kepha kungokosizi, kodwa ngasemuva kuyabathelela isithelo esihle sokulunga labo abahlakahliswe yikho.
- UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu.”
- Ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
- UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”
- Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.
- Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.
Izihloko ezihlobene
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Isivuno
Kepha yena onika ohlwanyelayo...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...