Amavesi EBhayibheli ngokuncika
- Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu wakho
obamba isandla sakho sokunene,
nothi kuwe: Ungesabi,
mina ngiyakusiza. - Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,
ungenciki kokwakho ukuqonda.
Mazise yena ezindleleni zakho zonke,
uyakuqondisa imikhondo yakho. - Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe. - Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade. - Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba. - Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha isiluleko sikaJehova siyakuma. - Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
- Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha. - Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
- Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela. - Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.
- UJehova ungumalusi wami,
angiyikuswela.
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza;
uyangiyisa ngasemanzini okuphumula. - Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami,
ngokuba ungakwesokunene sami,
angiyikuzanyazanyiswa. - Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
- UJehova uzakunilwela, nothula nina.
- Uma uJehova engayakhi indlu,
basebenzela ize abayakhayo;
uma uJehova engalondolozi umuzi,
umlindi wawo ulindela ize. - Isibusiso sikaJehova siyacebisa;
akenezeli usizi kuso. - Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,
umusa wakho, Jehova, wangiphasa. - Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi. - Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami, bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.
- Yenama ngosuku lwenhlanhla,
kepha ngosuku olubi qonda ukuthi
nalolu uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,
ukuze umuntu angafumani lutho
oluyakuba khona emva kwakhe. - Abasenyameni abanakumthokozisa uNkulunkulu.
- Ngilondoloze, Nkulunkulu,
ngokuba ngiyaphephela kuwe. - Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,
nengalo yabo ayibasindisanga;
kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
nokukhanya kobuso bakho,
ngokuba wawubathanda. - Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;
ukhanyise ubuso bakho,
khona siyakusindiswa.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Izisetshenziswa
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.Ivesi elilandelayo