Amavesi EBhayibheli ngesikhuthazo
- Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
- Kepha abamethembayo uJehova
bayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla. - Lapho udabula emanzini,
mina nginawe;
nasemifuleni, ayiyikukukhukhula;
lapho uhamba emlilweni, awuyikusha,
nelangabi aliyikukushisa. - UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.
- Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.
- Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
- Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
- Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba. - Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
- Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.
- Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami. - Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova. - Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.
- Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.
- Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela. - Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,
angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza. - Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
- Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. - Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade.
- Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
- Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.
- Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,
umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;
yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise. - Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu. Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.
- Yilowo nalowo kithi makathokozise umakhelwane, kube kuhle, aze akheke.
- Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.
Izihloko ezihlobene
Isibindi
UJehova nguye ohamba phambi...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
UMduduzi
Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi...
Ngiyethemba
“Ngokuba ngiyazi mina imicabango...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Inhlupheko
Kepha uNkulunkulu womusa wonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;uyakulonda umphefumulo wakho.
UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.Ivesi elilandelayo