Amavesi EBhayibheli ngoMduduzi
- Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
- Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
- Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami
ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami. - Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
- Babusisiwe abakhalayo,
ngokuba bayakududuzwa. - Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.
- Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade.
- Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,
uJehova wangiphendula endaweni ebanzi. - Yimina, yimi enginguye oniduduzayo;
ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,
nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na? - Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.
- Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.
- Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami.
- Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.
Izihloko ezihlobene
Isikhuthazo
UJehova nguye ohamba phambi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...
UBaba
Njengoyise ehawukela abantwana bakhe...
IPentekoste
Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste...
Inhlupheko
Kepha akusikho lokho kuphela...
Amavesi eBhayibheli osuku
Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ukuze sisho ngesibindi, sithi:“INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba;
umuntu angangenzani na?”Ivesi elilandelayo
