Amavesi EBhayibheli ngendumiso
- Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso. - Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;
izindebe zami ziyakukudumisa.
Ngiyakukubonga ngisaphila;
ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho. - Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.
Haleluya! - UJehova ungamandla ami nesihlangu sami;
inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa;
ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba;
ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami. - Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. - Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.
- Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho. - Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;
ubukhulu bakhe abuphenyisiseki. - Yini ukuba udangale,
mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami. - Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke;
ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. - Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle. - Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.” - Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,
nalo udumo lwakho usuku lonke. - Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
- Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,
ngilituse igama lakho phakade naphakade. - Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. - Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami. - Niyakusho ngalolo suku ukuthi:
“Bongani uJehova,
nibize igama lakhe,
nizazise izenzo zakhe phakathi kwezizwe,
nimemezele ukuthi igama lakhe liphakeme.” - Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
“ ‘Kuphila kwami,’ isho iNkosi,
‘kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.’ ” - Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,
ngikudumise phakathi kwezizwe. - Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya.
- Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.
- Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
- Ngakhala kuye ngomlomo wami;
ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami. - KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;
ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;
inyama ingangenzani na?
Izihloko ezihlobene
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukucula
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukubonga
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,kepha ukulunga kophula ekufeni.
Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.Ivesi elilandelayo
