Amavesi EBhayibheli ngobungcwele
- Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.
- Kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”
- Zamelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa, ongenakho angeyibone iNkosi.
- Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?
Ngokuqaphela okwezwi lakho. - Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.
- Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade. - Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu.
- Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, nibambelele ezwini lokuphila.
- Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba mina Jehova ngingcwele; nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami.
- Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.
- Akakho ongcwele njengoJehova,
ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho;
futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu. - Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.
- Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
- Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu,
ohlala kuze kube phakade,
ogama lakhe lingoNgcwele, uthi:
“Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele,
kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo,
ukuvuselela umoya wabathobekileyo
nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.” - Ngakho-ke manibe ngabapheleleyo, njengokuba uYihlo wasezulwini ephelele.
- Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
- Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.
- Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.
- Funani okuhle, hhayi okubi,
ukuze niphile,
abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho. - Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele. - Kuyakuba khona umendo
nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele;
ongcolileyo akayikuhamba ngayo,
kepha iyakuba ngeyabantu bakhe;
abahamba ngayo, noma beyiziwula,
abayikuduka kuyo. - Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi:
“Kungcwele,”
abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe. - Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,
nokumazi oNgcwele kungukuqonda. - Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.
- Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.