Amavesi EBhayibheli ngemicabango
- Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade. - Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
- Gingqela kuJehova imisebenzi yakho,
ukuze kuqiniswe amasu akho. - “Ngokuba imicabango yami
ayisiyo imicabango yenu,
nezindlela zenu
azisizo izindlela zami,” usho uJehova. - Phezu kwakho konke okugcinayo,
gcina inhliziyo yakho,
ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. - Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
- Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.
- Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude. - Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo. - Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.
- Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngegama leNkosi yethu uJesu Kristu ukuba nikhulume zwilinye nonke, kungabikho ukwahlukana phakathi kwenu, kodwa nipheleliswe emqondweni munye nasekuboneni kunye.
- Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane,
ziqine zonke izindlela zakho. - Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu, kuphela nguMoya kaNkulunkulu.
- Makungabikho ozikhohlisayo; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
- Kukhona indlela ebonakala sengathi ilungile kumuntu,
kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa. - Ngenza isivumelwano namehlo ami:
ngingabuka kanjani intombi na? - Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
- Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
- Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?
- Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. - Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.
- Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
- Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:ukuthukulula izibopho zobubi
nokuxegisa imichilo yejoka;
ukukhulula abacindezelwayo
nokwaphula onke amajoka na?
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”Ivesi elilandelayo