Amavesi EBhayibheli ngokuqonda
- Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.
- Njengalokhu ungazi indlela yomoya ukuthi iphi,
nokubunjwa kwamathambo esizalweni sokhulelweyo,
kanjalo awuyazi nemisebenzi kaNkulunkulu owenza konke. - Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,
kepha isififane siyaphakamisa ubuwula. - Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu:
Zuza ukuhlakanipha;
yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha. - Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;
ngizakukululeka ngeso lami. - Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo. - Thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.
- Ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena.
- Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha isiluleko sikaJehova siyakuma. - Vivinyani konke, nibambisise okuhle; dedani kukho konke okubonakala kukubi.
- Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,
yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. - Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
- Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,
kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu,
nemicabango yami kunemicabango yenu. - Awazi yini? Awuzwanga na?
UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;
udalile imikhawulo yomhlaba;
akapheli amandla, akakhathali,
nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. - Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama.
- Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye namanje nakuze kube lusuku lwaphakade.
- Wo kuye olwa noMenzi,
udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba!
Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi:
‘Wenzani na?’
nomsebenzi wakho ukuthi:
‘Akanazo izandla,’ na? - Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
- Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha
nomuntu ozuza ingqondo. - Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;
ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami. - Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.
- Ngokuba iminyaka eyinkulungwane emehlweni akho injengezolo selidlulile,
nanjengomlindo ebusuku. - Ukuze izinhliziyo zabo ziduduzwe, behlanganisiwe othandweni babe nengcebo yonke yokwazi okuphelele, bazisise imfihlakalo kaNkulunkulu enguKristu.
- UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”
- Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”
Izihloko ezihlobene
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Imicabango
Ngihole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo...