Amavesi EBhayibheli Ukulalela
- Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.
- Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”
- Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.
- Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
- Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
- Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.
- Ngiyamthanda uJehova,
ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.
Ngokuba ubekile indlebe kimi
ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami. - Onakekela izwi uyakufumana okuhle,
nowethembayo kuJehova ubusisiwe. - Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
- Enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
- Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
- Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
- Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.
- Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,
ngakhala kuNkulunkulu wami;
walizwa izwi lami esethempelini lakhe;
ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe. - Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,
kepha owenqaba ukusolwa uyaduka. - Ndodana yami, lalela amazwi ami,
ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
Makungachezuki emehlweni akho,
ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho. - Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;
ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde. - “Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.”
- Amehlo kaJehova akubo abalungileyo;
izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. - Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.
- Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.
- Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?
- Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
- Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
- Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
Izihloko ezihlobene
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Zithokozise ngoJehova,yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho.Ivesi elilandelayo