Amavesi EBhayibheli ngentukuthelo
- Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.
- Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.
- Ungazondi umfowenu enhliziyweni yakho; ungamkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kepha ungabi nasono ngaye.
Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova. - Inzondo iyabanga ukuxabana,
kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke. - Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka,
kepha izwi elilukhuni livusa ulaka. - Niyakwazi lokho, bazalwane bami abathandekayo. Yilowo nalowo muntu makasheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze ukuthukuthela.
- Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,
kepha isififane siyaphakamisa ubuwula. - Isiwula sikhipha lonke ulaka lwaso,
kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni. - Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
- Ukukhathazeka kwesiwula kuyaziwa ngosuku,
kepha oqondileyo uyasibekela ihlazo. - Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana,
kepha zonke iziwula ziyaphikisana. - Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela,
kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha. - Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.
- ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova;
‘angiyikuninyakamela,
ngokuba nginomusa,’ usho uJehova;
‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.’ - Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.
Izihloko ezihlobene
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukukhuluma
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi...
Ukuzithiba
Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Isihhe neqiniso makungakushiyi;kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.Ivesi elilandelayo