Amavesi EBhayibheli ngesibi
- Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
- Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
- Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu.
- Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe.
- Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.
- Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;
makungangibusi nobubodwa ububi. - Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.
- Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu.
- Ngihawukele, Nkulunkulu,
ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami. - Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa. - Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
- Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?
- Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso.
- Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi,
ongemi endleleni yezoni,
ongahlali enkundleni yabaklolodayo. - Ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.
- Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.
- Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
- Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.
- Sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
- Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.
- Emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.
- Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa. - Kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.
- Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele.
- Ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.
Izihloko ezihlobene
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Ukuguqulwa
Bazithobe abantu bami ababizwa...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukuhlanzwa
Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha;emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.Ivesi elilandelayo
