Amavesi EBhayibheli ngokuphepha
- Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
- UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;
ngizakwesaba bani na?
UJehova uyinqaba yokuphila kwami;
ngizakuba novalo ngobani na? - Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke
nohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.” - UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;
ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. - Wena uyindawo yami yokucasha;
uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela - Ngizakucambalala ngokuthula,
ngilale ubuthongo,
ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka. - UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,
uyabazi abaphephela kuye. - Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;
akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. - Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela,
uphephele phansi kwamaphiko akhe;
ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu. - Oqondileyo uyabona ububi, acashe,
kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho. - Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,
ngokuba yethemba kuwe. - Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,
kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa. - Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.
- UJehova uyakufeza okwami;
Jehova, umusa wakho umi phakade;
ungashiyi imisebenzi yezandla zakho. - Ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
- Kuhle ukuphephela kuJehova
kunokwethemba umuntu. - Ngokuba nganelisile imiphefumulo eyethileyo, ngigcwalisile yonke imiphefumulo enosizi.
- Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla;
olungileyo ugijimela kuwo, alondeke. - Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;
angiyikunyakaziswa kakhulu. - Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka. - UJehova uyinqaba yocindezelweyo,
uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka. - Noma impi imisa ngakimi,
inhliziyo yami ayesabi;
noma ngivukelwa ngukulwa,
nokho nginethemba. - Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.
- Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
- Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;
ngisindise, ngisindiswe,
ngokuba uludumo lwami.
Izihloko ezihlobene
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
USathane
Qondani, nilinde. Isitha senu...
Ukwethembeka
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Jehova, unguNkulunkulu wami;ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso.Ivesi elilandelayo