Amavesi EBhayibheli ngokuhle
- Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.
- Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
- UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,
uyabazi abaphephela kuye. - Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.
- UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,
unomusa emisebenzini yakhe yonke. - Yeka, uma bengingathembanga ukubona
okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo! - Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
- Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.
- Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke.
- Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu, nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
- Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle.
- Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
- Themba kuJehova,
wenze okulungileyo;
hlala ezweni, uzondle ngokukholeka. - Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga. - Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.
- Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?
- Deda kukho okubi, wenze okuhle;
funa ukuthula, ukujonge. - Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,
ngokuba kukhona kwaphakade.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;
ngikhumbule ngokomusa
wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova. - Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.
- Usho kanje uJehova, uthi:
“Yimani ezindleleni, nibone,
nibuze imikhondo yasendulo
ukuthi iphi indlela enhle,
nihambe ngayo,
niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu;
kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’ ” - Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
- Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela,
neqiniso,
yebo, nezindlela zonke ezinhle. - Owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
- Ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni.
- Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.
Izihloko ezihlobene
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Ukwethemba
Themba kuJehova ngayo yonke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...