Amavesi EBhayibheli ngokudla
- Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo;
umphefumulo olambayo uyawugcwalisa ngokuhle. - UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.”
- Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.
- Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe; zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe ningezidle; zingcolile kini.
- Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
- UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu.”
- Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa;
ophuzisayo uyakuphuziswa naye. - Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza. Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.
- Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
- Ngokuba asilethanga lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.
- Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?
- Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.
- Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha, okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.
- Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho.
- Wayesethi kubo: “Hambani nidle okunonileyo, niphuze okumnandi, nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho, ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu.”
- Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
- Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.
- Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. - Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.
- Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu.
- Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.
- Babusisiwe abalambele,
bomele ukulunga,
ngokuba bayakusuthiswa. - Njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa.
- Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.
- Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Isinkwa
UJesu wathi kubo: “Mina...
Ukupha
Yilowo nalowo anikele njengalokho...
Izembatho
Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Amavesi eBhayibheli osuku
Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Noma umkhiwane ungakhahleli,kungabikho izithelo emvinini,
umsebenzi womnqumo uphuthe,
amasimu angavezi ukudla,
izimvu zinqunywe esibayeni,
kungabikho nkomo ezibayeni,
nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,
ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.Ivesi elilandelayo