Amavesi EBhayibheli ngokwahlulela
- Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.
- Ningahluleli ukuba ningahlulelwa.
- Zonke izindlela zomuntu zilungile emehlweni akhe,
kepha uJehova ulinganisa izinhliziyo. - Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nokuba isikhubekiso.
- Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
- Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?
- Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
- Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
- Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?
- Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela,
nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa;
lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova
nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova. - Ngabona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kwesihlalo sobukhosi; izincwadi zavulwa; nenye incwadi yavulwa, ngeyokuphila; nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.
- Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho.
- Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha, okuyisithunzi nje salokhu obekuzakuza; kepha umzimba ngokaKristu.
- Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.
- Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
- Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
- Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKristu Jesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.
- Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.
- Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,
yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,
ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,
abakhileyo bezwe bafunda ukulunga. - Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.
- Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
- Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.
- INkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe.
- Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.
- Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa.
Izihloko ezihlobene
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Isijeziso
Ndodana yami, ungadeleli ukulaya...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...