Amavesi EBhayibheli ngomshado
- Ofumana umfazi uthola okuhle;
uzuzile isisa kuJehova. - Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
- Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli. - Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
- Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na?
Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi. - Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi.
- Inhliziyo yomuntu iceba indlela,
kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe. - Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.
- UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”
- Nxa umuntu ethatha umfazi omusha, akayikuphuma impi, anganikwa futhi umsebenzi noma yimuphi; uyakuhlala ekhululekile ekhaya umnyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.
- UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.
Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye. - Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba.
- Umuhle wonke, sithandwa sami,
akukho sisihla kuwe. - Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo.
- Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.
- Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye.
- Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena.
- Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
- Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.
- Nizwile kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.
- Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,
umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,
ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,
wangisibekela ngesambatho sokulunga,
njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,
nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.
Izihloko ezihlobene
Ubudlelwano
Nakuba umuntu ahlula oyedwa...
Umzimba
Kepha anazi yini ukuthi...
Izifiso
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya...
Isonto
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Amavesi eBhayibheli osuku
Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:ukuthukulula izibopho zobubi
nokuxegisa imichilo yejoka;
ukukhulula abacindezelwayo
nokwaphula onke amajoka na?
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;izilonda zabo uyazibopha.Ivesi elilandelayo