Amavesi EBhayibheli ngendalo
- Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.
- Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle. - Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu.
- Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela.
- E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo.
- UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.
- Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.
- Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni;
usizo lwami luvelaphi na?
Usizo lwami luvela kuJehova
owenzile izulu nomhlaba. - Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.
- UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.
- Ngezwi likaJehova izulu lenziwa,
namabandla onke ngomoya womlomo wakhe. - Awazi yini? Awuzwanga na?
UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade;
udalile imikhawulo yomhlaba;
akapheli amandla, akakhathali,
nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. - Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.
- Kungakaveli izintaba,
ungakawenzi umhlaba nezwe,
kuthi kusukela phakade kuze kube phakade
wena Nkulunkulu ukhona. - Ngokuba ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu.
- UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”
- Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;
siyakwethaba, sithokoze ngalo. - Yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,
isekele igobela lawo emhlabeni;
yiyona ewabizayo amanzi olwandle,
iwathululele ebusweni bomhlaba;
nguJehova igama layo. - Usizo lwethu lusegameni likaJehova
owenzile izulu nomhlaba. - Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
- Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo.
- ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi:
‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’ - Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.” - Wo kuye olwa noMenzi,
udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba!
Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi:
‘Wenzani na?’
nomsebenzi wakho ukuthi:
‘Akanazo izandla,’ na? - Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
IZulu
Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla...
Ukuqonda
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto...
Ubuhle
Umuhle wonke, sithandwa sami...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.