Amavesi EBhayibheli ngokubonga
- Thokozani njalo; khulekani ningaphezi; kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
- Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
- Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
- Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade. - Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula.
- Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.
- Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;
ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho. - Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
- Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.
- Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
- Ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
- Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
- Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:
“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,
nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.” - Kepha mina ngiyakukuhlabela ngezwi lokudumisa,
ngigcwalise engikuthembisileyo.
Ukusindiswa kukuye uJehova. - Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”
Izihloko ezihlobene
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Indumiso
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Ukuthula
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Olandela ukulunga nomusauyafumana ukuphila, nokulunga, nodumo.Ivesi elilandelayo
