Amavesi EBhayibheli ngokwethembeka
- Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.
- Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane.
- Jehova, unguNkulunkulu wami;
ngiyakukuphakamisa,
ngidumise igama lakho,
ngokuba wenzile izimangaliso,
namasu asendulo, nokuthembeka, neqiniso. - Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga. - Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe,
ngokuba ububele bakhe abupheli.
Busha ekuseni njalo;
ukuthembeka kwakho kukhulu. - Akayikuvuma ukuba unyawo lwakho lushelele;
okulondolozayo akayikozela. - Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa;
akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe. - Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
- UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.
- UJehova useduze nabo bonke abambizayo,
bonke abambizayo ngeqiniso. - UJehova uyakufeza okwami;
Jehova, umusa wakho umi phakade;
ungashiyi imisebenzi yezandla zakho. - Bongani uJehova, ngokuba muhle,
ngokuba umusa wakhe umi phakade. - Inkosi yakhe yathi kuye: ‘Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.’
- Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami. - Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola,
kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha. - Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,
nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
kubo abagcina isivumelwano sakhe
bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze. - Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba. - Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,
abathemba umusa wakhe. - Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.
- Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
- Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
- “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”
- Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,
unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe. - Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,
akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa. - Wena Jehova umi phakade;
isihlalo sakho sobukhosi
sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Izihloko ezihlobene
Ukwethembeka
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
IZwi likaNkulunkulu
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Izindebe zami zizakujabula,ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo.