- UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu;
ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. - Noze niguge, nginguye,
yebo, noze nibe yizimpunga,
ngiyakunithwala;
ngikwenzile lokhu,
futhi ngiyakunetshatha,
yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule. - Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.
- Ngokuba uJehova uthanda ukulunga,
akabashiyi abangcwele bakhe;
bayalondolozwa kuze kube phakade,
kepha inzalo yababi iyachithwa. - Ngokuba umbhalo uthi: “Lowo okholwayo akayikujabhiswa.”
- UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.
- Nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.
- Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.
- Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;
ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo. - UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.
- Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini. Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.
- Ngokuba izwi likaJehova lilungile;
zonke izenzo zakhe ziyakholeka. - Ngokuba umusa wakho mkhulu kuze kube sezulwini,
nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. - Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela,
umusa wakho, Jehova, wangiphasa. - Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela. - “Yebo, izintaba zingamuka, namagquma angasuswa,
kepha umusa wami awuyikumuka kuwe,
nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa,”
usho uJehova okuhawukelayo. - Nina enithanda uJehova zondani okubi;
uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo;
uyabasindisa ezandleni zababi. - Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,
ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;
unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;
ulungile, uqotho yena. - Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’
- Ngezimpaphe zakhe uyakukusibekela,
uphephele phansi kwamaphiko akhe;
ukuthembeka kwakhe kuyisihlangu nehawu. - Amehlo akho mawabheke phambili,
nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. - Jehova, yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe ekuncengeni kwami;
ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho. - Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;
umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. - Umusa wakho, Jehova,
mawube phezu kwethu,
njengalokhu sithemba wena. - Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,
ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
Izihloko ezihlobene
Ukwethembeka
Ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
IZwi likaNkulunkulu
Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
