Amavesi EBhayibheli ngokufuna
- Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
- UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.
- Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo. - Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami,
ngiyakufuna ekuseni;
umphefumulo wami womele wena;
inyama yami ilangazelela wena
ezweni elomileyo eligagadekileyo,
lapho amanzi engekho khona. - Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
- Zithokozise ngoJehova,
yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho. - Ngamfuna uJehova, wangiphendula;
wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. - Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena;
ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo. - Mfuneni uJehova esenokutholwa,
nimbize eseseduze. - Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo. - Ngafunwa ngabangangicelanga,
ngafunyanwa ngabangangifunanga,
ngathi: ‘Ngibhekeni, ngibhekeni,’
kuso isizwe esingabizwanga ngegama lami. - Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi:
“Ngifuneni, niphile.” - Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.
- Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude. - Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,
abamfuna ngenhliziyo yonke. - Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,
kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. - Funani okuhle, hhayi okubi,
ukuze niphile,
abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho. - Kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
- Ofumana umfazi uthola okuhle;
uzuzile isisa kuJehova. - Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
- Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,
nethemba lakho aliyikunqunywa. - Ngiyakuhamba endaweni ebanzi,
ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna. - Umphefumulo wami womela uNkulunkulu,
uNkulunkulu ophilayo;
ngiyakufika nini, ngibonakale phambi kukaNkulunkulu, na? - Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba
enisebenzile ukwahlulela kwakhe;
funani ukulunga; funani ukuthobeka;
mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.
Izihloko ezihlobene
Ukusondela
UJehova unani, uma ninaye...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Umvuzo
Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda;ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami.