Amavesi EBhayibheli ngoSomandla
- Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.
- Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?
- “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”
- Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.
- Yena owakhile ekusithekeni koPhezukonke
nohlezi emthunzini kaSomandla
uthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami
noNkulunkulu wami engimethembayo.” - E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo.
- Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;
ubukhulu bakhe abuphenyisiseki. - Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;
ukhanyise ubuso bakho,
khona siyakusindiswa. - Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.
- Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
- Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
- Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo,
izwe nabakhileyo kulo. - Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela.
- Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
- Uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;
uyazi okusebumnyameni,
nokukhanya kuhlezi kuye. - NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
- Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo. - UJehova uyaphofisa, abesecebisa;
uyathobisa, abesephakamisa. - Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.
- Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.
- Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.
- Ngokuba bheka, owabumba izintaba,
nowawudala umoya,
otshela umuntu umqondo wakhe,
owenza ukusa kube ngubumnyama,
onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,
igama lakhe linguJehova,
uNkulunkulu Sebawoti.
Izihloko ezihlobene
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Indalo
Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu...
Umhlaba
Ningathandi izwe nezinto ezisezweni...
Umbuso
Kepha kanazi yini ukuthi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Onakekela izwi uyakufumana okuhle,nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
