Amavesi EBhayibheli ngokwethemba
- “Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.”
- Yini ukuba udangale,
mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
Methembe uNkulunkulu,
ngokuba ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami. - Kepha abamethembayo uJehova
bayathola amandla amasha,
bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi,
bagijime bengakhathali,
bahambe bengapheli amandla. - UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke;
uyakulonda umphefumulo wakho.
UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho
kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. - UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
- Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
- Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.
- Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.
- Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
- Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;
ngiyethemba izwi lakho. - Masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo.
- Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,
nina nonke enithemba uJehova. - Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;
ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;
uNkulunkulu wami uyakungizwa. - Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
- Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;
isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila. - UJehova uyisabelo sami,
usho umphefumulo wami;
ngakho ngiyakwethemba kuye. - Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise,
ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami;
ngilindela wena usuku lonke. - Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
- Umusa wakho, Jehova,
mawube phezu kwethu,
njengalokhu sithemba wena. - Ngiyalindela uJehova,
umphefumulo wami uyalinda;
ngiyalethemba izwi lakhe. - Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.
- UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo. - Kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini.
- Okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.
- Munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu.
Izihloko ezihlobene
Isikhuthazo
Kepha abamethembayo uJehova bayathola...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...
Amavesi eBhayibheli osuku
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;insindiso yami ivela kuye.Ivesi elilandelayo