- Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,
nethemba lakho aliyikunqunywa. - Ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele.
- Aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
- Mphefumulo wami,
zithulisele kuNkulunkulu kuphela,
ngokuba ithemba lami livela kuye. - Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,
kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha. - Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.
Izihloko ezihlobene
Isikhuthazo
UJehova nguye ohamba phambi...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...
Izethembiso
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Umphefumulo
Uma nina niselapho nimfuna...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
UMoya Oyingcele
INkosi inguye uMoya; kepha...