Amavesi EBhayibheli ngenkazimulo
- Vuka ukhanye,
ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;
inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho. - Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami
nokukhanya endleleni yami. - Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”
- Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.
- Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke.
- UJehova makakubusise, akulondoloze;
uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,
abe nomusa kuwe;
uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,
akuphe ukuthula. - UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami;
ngizakwesaba bani na?
UJehova uyinqaba yokuphila kwami;
ngizakuba novalo ngobani na? - Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:
“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,
ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ” - Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini. Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
- Uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo;
uyazi okusebumnyameni,
nokukhanya kuhlezi kuye. - Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.
- Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,
yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi. - Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe;
yena uzakukwenza.
Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya,
nokufanele wena njengemini. - Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
- Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya.
- UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.
- Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.
- Ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele.
- Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.
- Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na?
- Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
- Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho;
ngisindise ngomusa wakho. - Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo,
nengalo yabo ayibasindisanga;
kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho,
nokukhanya kobuso bakho,
ngokuba wawubathanda. - Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;
ukhanyise ubuso bakho,
khona siyakusindiswa. - Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
Izihloko ezihlobene
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Ukuvangela
Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.