Amavesi EBhayibheli ngothando
- Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.
- Konke enikwenzayo akwenziwe ngothando.
- Ngizwise umusa wakho ekuseni,
ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami. - Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
- Isihhe neqiniso makungakushiyi;
kubophe entanyeni yakho,
ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,
ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu. - Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.
- Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
- Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
- Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.
- Kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.
- Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle.
- Ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni.
- Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.
- Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
- Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.
- Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayo
ukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo. - Thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane.
- Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi.
- UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.
- Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho,
njengophawu engalweni yakho,
ngokuba uthando lunamandla njengokufa;
isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo;
amalangabi alo angamalangabi omlilo,
ilangabi likaJehova. - Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga.
- Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe.
- Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.
- Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami,
futhi ubudumile, uthandekile kimi,
ngiyakunika abantu esikhundleni sakho,
nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho. - Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga,
nendlebe engakuzwanga,
okungavelanga enhliziyweni yamuntu,
uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.”
Izihloko ezihlobene
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Thembekile
Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa...
Amavesi eBhayibheli osuku
Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zaminokukhanya endleleni yami.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?
Yebo, bona bangakhohlwa,
kodwa mina anginakukukhohlwa wena.
Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,
izingange zakho ziphambi kwami njalo.Ivesi elilandelayo