Amavesi EBhayibheli ngokubekezela
- Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi,
kepha isififane siyaphakamisa ubuwula. - Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu.
- Ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo.
- Ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando.
- Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
- Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
- Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe,
nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi. - Thula phambi kukaJehova,
ulindele yena;
ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe,
ngomuntu osongoza amacebo amabi. - Lindela uJehova, uqine,
inhliziyo yakho ime isibindi;
yebo, lindela uJehova. - UJehova uzakunilwela, nothula nina.
- INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi kungukulibala, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
- Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubheka kade.
- Kepha uNkulunkulu wokubekezela nowenduduzo makaniphe nibe nokuqonda kunye phakathi kwenu ngokukaKristu Jesu.
- Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,
umusa wakhe uba ngowokuphila konke;
kusihlwa kungena ukukhala,
ekuseni ukujabula. - Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami;
ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde. - Ngalokho uJehova uyakulindela
ukuba abe nomusa kini;
nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;
babusisiwe bonke abamhlalelayo. - UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. - Kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.
- Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.
- Kodwa, bathandekayo, maningakhohlwa lento inye yokuthi kuyo iNkosi usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye.
- Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.
- Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.
- Ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.
- Niklebhule inhliziyo yenu,
hhayi izingubo zenu,
niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu,
ngokuba yena unomusa,
unobumnene,
wephuza ukuthukuthela,
unesihe esikhulu,
uhawukela nomubi. - Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.
Izihloko ezihlobene
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
Ukuphela kwesikhathi
Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi...
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ububele
Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane...
Ukuza kwesibili
Ngalokho nani hlalani nilungele...
Amavesi eBhayibheli osuku
Kepha yazithwala izifo zethu,yabetshatha ubuhlungu bethu,
kodwa thina sathi ijezisiwe,
ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.
