Amavesi EBhayibheli ngokudabuka
- Labo bayakhala, uJehova uyezwa;
uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo.
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo;
uyabasindisa abanomoya odabukileyo. - UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.
- Babusisiwe abakhalayo,
ngokuba bayakududuzwa. - Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
- Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.
- Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje,
umusa wakhe uba ngowokuphila konke;
kusihlwa kungena ukukhala,
ekuseni ukujabula. - Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;
ukububula kwami akufihlekile kuwe. - Njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
- Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
- Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize. - Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.
- Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
- “Kepha manje,” usho uJehova,
“phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke,
nangokuzila ukudla, nangokukhala,
nangokulila.” - Yizwa umkhuleko wami, Jehova,
ulalele ukumemeza kwami;
ungathuli ngezinyembezi zami,
ngokuba ngingumfokazi kuwe;
ngiyisihambi njengokhokho bami bonke. - Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi:
“Ngaphuma ngize esizalweni sikamame;
ngiyakubuyela khona ngize;
uJehova wapha, uJehova uthathile;
malibongwe igama likaJehova.” - UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;
uJehova uyavusa abathotshisiweyo;
uJehova uyathanda abalungileyo. - Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,
kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina. - Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.’
- Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.
- Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.
- Umvini ubunile,
imikhiwane iwumile;
imipomegranati, namasundu,
nemi-apula,
nemithi yonke yasendle kubunile,
ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu. - Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho;
onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.
Izihloko ezihlobene
Ukukhathazeka
Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Isikhuthazo
Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba...
UMduduzi
Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi...
Amavesi eBhayibheli osuku
UJehova wephuza ukuthukuthela,mkhulu ngamandla,
akenzi onecala abe msulwa;
uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni,
namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa,angesabi okubi, ngokuba wena unami,
intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.Ivesi elilandelayo