Amavesi EBhayibheli Impilo
- Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.
- Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.
- Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;
izilonda zabo uyazibopha. - Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo. - Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
- Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.
- Amazwi amahle anjengamakhekheba oju;
amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni. - Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uJehova, udede ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. - Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.”
- Khipha usizi enhliziyweni yakho,
udlulise okubi emzimbeni wakho,
ngokuba ubusha nobunsizwa buyize. - Ngokuba ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.
- Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo;
isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila.
Izihloko ezihlobene
Ukugula
Kukhona ogulayo phakathi kwenu...
Umzimba
Kepha anazi yini ukuthi...
Ukuphulukisa
UJesu wayesethi kuye: “Uma...
Inhliziyo
Phezu kwakho konke okugcinayo...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.Ivesi leBhayibheli elingahleliwe
Nakuba umuntu ahlula oyedwa,ababili bayakuma phambi kwakhe,
nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.Ivesi elilandelayo
