Amavesi EBhayibheli ngokumangala
- Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;
ukuzidla, nokuzikhukhumeza,
nendlela embi,
nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda. - Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.
- Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;
mesabe uJehova, udede ebubini.
Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho
nokuhlunyelelwa kwamathambo akho. - Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,
abathemba umusa wakhe. - Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova
uyingcebo, nodumo, nokuphila. - Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?
- Ubuhle buyinkohliso,
nokubukeka kuyize,
kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa. - Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono
kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka. - Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,
abahamba ngezindlela zakhe. - Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa. - Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.
- Nakhu ukuphela kwendaba,
lapho sekuzwakele konke:
Mesabe uNkulunkulu,
ugcine imiyalo yakhe,
ngokuba lokho kungokwabantu bonke. - Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.
- Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha;
ukuthobeka kuyandulela udumo. - Haleluya!
Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,
othokoza kakhulu ngemithetho yakhe. - Kwathi ngokuba ababelethisi bamesaba uNkulunkulu, wabavusela imizi.
- Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,
nokumazi oNgcwele kungukuqonda. - Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.
- Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha;
banengqondo enhle bonke abakwenzayo.
Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade. - Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe;
kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa. - UNkulunkulu uyasibusisa;
imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba. - Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.
- Ngifundise, Jehova, indlela yakho;
ngiyakuhamba eqinisweni lakho;
yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,
yesabe igama lakho. - Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
- Woyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, umesabe.
Izihloko ezihlobene
Umthetho
Lawa mazwi engikuyala ngawo...
Isibusiso
UJehova makakubusise, akulondoloze; uJehova...
Inhlakanipho
Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha...
Ukukhonza
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo...
Ukulalela umthetho
UJesu waphendula, wathi kuye...
Ukulandela
Niyakuhamba njalo endleleni uJehova...