Amavesi EBhayibheli ngesikweletu
- Omubi uyatsheleka, angabuyiseli;
kepha olungileyo unesihawu, aphane. - Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
- Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.
- Isicebi sibusa phezu kwabampofu,
nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo. - Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.
- Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?
- Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.
- Imfuyo etholakala kalula iyancipha,
kepha obutha kancane kancane uyandiselwa. - Usithethelele amacala ethu,
njengalokhu nathi sibathethelela
abanecala kithi. - Ungagodleli abaninikho okuhle,
lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza. - Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”
- Akakho ongakhonza amakhosi amabili. Ngokuba uyakuzonda enye, athande enye, noma abambelele kwenye, adelele enye. Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.
Izihloko ezihlobene
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Ukupha
Yilowo nalowo anikele njengalokho...
Thembeka
Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi...
Ukwemana
Othanda imali akayikusutha ngemali...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...