Amavesi EBhayibheli ngobugqila
- UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
- UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.”
- Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”
- Wokhumbula ukuthi wawuyinceku ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; ngalokho uJehova uNkulunkulu wakho wakuyala ukugcina usuku lwesabatha.
- Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.
- Isicebi sibusa phezu kwabampofu,
nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo. - Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
- Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki nkani, zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
- Njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu.
- Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini:
ukuthukulula izibopho zobubi
nokuxegisa imichilo yejoka;
ukukhulula abacindezelwayo
nokwaphula onke amajoka na? - Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu.
- Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono.
- UMoya weNkosi uphezu kwami,
ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,
ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
nokubona kwabayizimpumputhe,
nokuhlenga abacindezelweyo. - Isandla sabakhutheleyo siyakubusa,
kepha izidenge ziyakuphoqelwa umsebenzi. - Akakho umJuda nomGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.
- Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo; thina sonke saphuziswa Moya munye.
- Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.
Izihloko ezihlobene
Inkululeko
UKristu wasikhulula ukuba sibe...
Umlutha
Konke kuvunyelwe kimi, kepha...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Umhlengi
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
UMoya
INkosi inguye uMoya; kepha...