Amavesi EBhayibheli ngokuhlupheka
- UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”
- Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
- Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu. - Wonke umshikashika unenzuzo,
kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela. - Njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo, njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke.
- Yahlulelani ompofu nentandane,
nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo. - UJehova uyaphofisa, abesecebisa;
uyathobisa, abesephakamisa. - Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”
- Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
- Isicebi sibusa phezu kwabampofu,
nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo. - Nasi isihlupheki esakhala,
uJehova wezwa,
wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. - Ngubani ozakusahlukanisa nothando lukaKristu na? Noma ukuhlupheka, noma ukubandezeka, noma ukuzingelwa, noma indlala, noma ukuhamba ze, noma ingozi, noma inkemba, na?
- Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo. - Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe,
kepha ompofu akezwa ukukhuzwa. - Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo
kanye nentandane engenamsizi.
Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;
ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula. - Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga. - UMoya weNkosi uphezu kwami,
ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu,
ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo,
nokubona kwabayizimpumputhe,
nokuhlenga abacindezelweyo. - Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
- UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,
ngokuba uJehova ungigcobile
ukuba ngishumayele izindaba ezinhle
kwabathotshisiweyo;
ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,
nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa
nokuvulelwa kweziboshwa itilongo. - Vuka, Jehova!
Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,
ungakhohlwa abahluphekileyo.
Izihloko ezihlobene
Imali
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa...
Ukuthanda izinto ezibambekayo
Ngokuba asilethanga lutho ezweni...
Ukupha
Yilowo nalowo anikele njengalokho...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Ukudla
Ngokuba usuthisa umphefumulo olangazelayo...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Amavesi eBhayibheli osuku
Ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Qinani, inhliziyo yenu ibe nesibindi,nina nonke enithemba uJehova.Ivesi elilandelayo
