Amavesi EBhayibheli ngabafelokazi
- Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.
- Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.
- Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane. Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo; ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.
- Hlabelelani kuNkulunkulu,
nidumise igama lakhe;
menzeleni umendo lowo odabula amahlane;
igama lakhe linguJehova;
yethabani phambi kwakhe,
uyise wezintandane,
umahluleli wabafelokazi,
uNkulunkulu endlini yakhe engcwele. - Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi. - Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
- UJehova uyalondoloza abafokazi;
uyaphasa intandane nomfelokazi;
kepha indlela yababi uyayiphambanisa. - Vula umlomo wakho,
wahlulele ngokulunga,
umele abahluphekayo nabampofu. - Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo
kanye nentandane engenamsizi.
Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;
ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula. - Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale, ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.
Izihloko ezihlobene
Izintandane
Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane. Uma...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuhlupheka
UJesu wathi kuye: “Uma...
Ukucula
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Amavesi eBhayibheli osuku
Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;ngiyethemba izwi lakho.Ivesi elilandelayo