Amavesi EBhayibheli ngokucula
- Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami. - Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila;
izindebe zami ziyakukudumisa.
Ngiyakukubonga ngisaphila;
ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho. - Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
- UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,
iqhawe eliyakukusindisa;
uyakujabula ngawe ngentokozo,
athule othandweni lwakhe,
ethabe ngawe ngokuhlabelela. - Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa.
- Hlabelelani kuNkulunkulu,
nidumise igama lakhe;
menzeleni umendo lowo odabula amahlane;
igama lakhe linguJehova;
yethabani phambi kwakhe,
uyise wezintandane,
umahluleli wabafelokazi,
uNkulunkulu endlini yakhe engcwele. - Ngiyakujabula, ngethabe kuwe;
ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke. - Kepha ngiwuthembile umusa wakho;
inhliziyo yami izakwethaba ngensindiso yakho;
ngizakuhlabelela kuJehova,
ngokuba ungenzele okuhle. - Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;
ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona. - Izindebe zami zizakujabula,
ngokuba ngizakukudumisa wena,
nomphefumulo wami owuhlengileyo. - Wena uyindawo yami yokucasha;
uyangilondoloza ngingahlupheki;
ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela - Hlabelelani kuJehova,
ngokuba wenzile izinto ezinkulu;
lokhu makwazeke emhlabeni wonke. - Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,
ngikudumise phakathi kwezizwe. - Ngakhala kuye ngomlomo wami;
ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami. - Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo
kanye nentandane engenamsizi.
Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;
ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula.
Izihloko ezihlobene
Khulekela
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Indumiso
Jehova, unguNkulunkulu wami; ngiyakukuphakamisa...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Ukuphila
UJehova uyakukulondoloza ebubini bonke...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Zimnandi kangakanani ezintabeniizinyawo zoletha izindaba ezinhle,
nomemezela ukuthula,
obika izindaba ezinhle, ezwakalise ukusindiswa,
oshoyo kulo iSiyoni ukuthi:
“UNkulunkulu wakho uyinkosi.”
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.Ivesi elilandelayo