Amavesi EBhayibheli ngezintandane
- Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane. Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo; ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.
- Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
- Fundani ukwenza okuhle,
nifune ukwahlulela,
niqondise abacindezeli,
nahlulele izintandane,
nimele umfelokazi. - Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.
- Yahlulelani ompofu nentandane,
nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo. - Hlabelelani kuNkulunkulu,
nidumise igama lakhe;
menzeleni umendo lowo odabula amahlane;
igama lakhe linguJehova;
yethabani phambi kwakhe,
uyise wezintandane,
umahluleli wabafelokazi,
uNkulunkulu endlini yakhe engcwele. - UJehova uyalondoloza abafokazi;
uyaphasa intandane nomfelokazi;
kepha indlela yababi uyayiphambanisa. - Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo, ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
- Ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo
kanye nentandane engenamsizi.
Isibusiso sobezakubhubha safika phezu kwami;
ngenza inhliziyo yomfelokazi ukuba ihube ngokujabula. - Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale, ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade.
Izihloko ezihlobene
Abafelokazi
Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo...
Umakhelwane
Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Ukuhlupheka
UJesu wathi kuye: “Uma...
Ukuvikela
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu...
Ukucula
Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
Thola ivesi leBhayibheli lansuku zonke:
Isaziso nsuku zonkeI-emailFacebookAndroid-appKuwebhusayithi yakhoIvesi leBhayibheli elingahleliwe
Ngizwise umusa wakho ekuseni,ngokuba ngiyethemba kuwe;
ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,
ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.Ivesi elilandelayo