Amavesi EBhayibheli ngobuthakathaka
- Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
- Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
- Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami
nesabelo sami kuze kube phakade. - Nguye omupha oyethileyo amandla,
nakongenamandla uyandisa izikhwepha. - Niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
- Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
- Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.
- Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
- Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.
- Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
- Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
- Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle,
kepha umoya owaphukileyo uyomisa amathambo. - Sivulele isimungulu umlomo wakho,
umele bonke abantwana abayizintandane. - Yahlulelani ompofu nentandane,
nimenzele okufaneleyo olusizi noswelayo. - Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho;
onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.
Izihloko ezihlobene
Amandla
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Umzimba
Kepha anazi yini ukuthi...
Injabulo
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Ukuncika
Ngokuba yimina Jehova uNkulunkulu...
Izisetshenziswa
Masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando...
Uvalo
Ungesabi, ngokuba mina nginawe...
Amavesi eBhayibheli osuku
Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;
intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.