Amavesi EBhayibheli ngesilingo
- Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
- Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.
- Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
- Umuntu angahamba phezu
kwamalahle avuthayo,
izinyawo zakhe zingahanguki, na? - Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
- Umuntu oyengwayo makangasho ukuthi: “Ngiyengwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angeyengwe ngokubi, naye uqobo akayengi muntu.
- Ungasingenisi ekulingweni,
kodwa usikhulule kokubi;
ngokuba umbuso ungowakho,
namandla, nenkazimulo,
kuze kube phakade. Amen. - UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane, elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.
- Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho;
ukububula kwami akufihlekile kuwe. - Nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
- Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
- Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.
- Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.
- INkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe.
- Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.
- Kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.
- Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,
wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva. - Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
- Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
Izihloko ezihlobene
Izifiso
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya...
Umlutha
Konke kuvunyelwe kimi, kepha...
USathane
Qondani, nilinde. Isitha senu...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Okubi
Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba...
Umkhuleko
Thokozani njalo; khulekani ningaphezi...
Amavesi eBhayibheli osuku
Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe,kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.