Amavesi EBhayibheli ngesihe
- Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
- Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.
- Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe.
- Ngihawukele, Nkulunkulu,
ngokomusa wakho;
yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.
Ngigezisise ebubini bami,
ungihlanze esonweni sami. - Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unomusa nesihe, akayikunifulathela, uma nibuyela kuye.
- Ngubani onguNkulunkulu onjengawe
othethelela insali yefa lakho ububi bayo,
uyiyekele isiphambeko sayo, na?
Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade,
ngokuba wenamela umusa. - Ngalokho uJehova uyakulindela
ukuba abe nomusa kini;
nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,
ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;
babusisiwe bonke abamhlalelayo. - Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.
- Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho,
ngokuba kukhona kwaphakade.
Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami;
ngikhumbule ngokomusa
wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova. - Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda.
- Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho;
umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. - Impela okuhle nomusa kuyakungilandela
imihla yonke yokuphila kwami;
ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade. - Yebo, ubuhle beNkosi uNkulunkulu wethu abube phezu kwethu,
umise umsebenzi wezandla zethu phezu kwethu;
yebo, umsebenzi wezandla zethu uwumise. - Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.
- Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,
esekela izindaba zakhe ngokulunga. - Nokho ngomusa wakho omkhulu awubaqothulanga, awubashiyanga, ngokuba unguNkulunkulu onomusa nobumnene.
- Ngikhala kuwe Jehova
ngisotweni phansi.
Nkosi, yizwa izwi lami;
izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami. - Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
- Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
- Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,
kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa. - Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu.
- Omubi makashiye indlela yakhe,
nomuntu owenza okubi imicabango yakhe,
abuyele kuJehova,
uyakuba nomusa kuye,
yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu,
ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu. - Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?”
UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” - Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.
- Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele.
Izihloko ezihlobene
Umusa
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
Intethelelo
Osibekela isiphambeko ufuna uthando...
Ukulunga
Olandela ukulunga nomusa uyafumana...
Uthando
Uthando luyabekezela, uthando lumnene...
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...