Amavesi EBhayibheli ngokuphila okungunaphakade
- Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.
- Ngokuba ongifumanayo,
ufumana ukuphila,
azuze umusa kuJehova. - Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.
- Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
- Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
- Thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.
- Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
- Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade.
- Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
- Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.
- Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade. - Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
- Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
- Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.
- Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
- Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.
- Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.
- Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.
- Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.
- Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
- “Mina ngingu-Alfa no-Omega,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.”
- Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.
- Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.
- Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.
- Ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.
Izihloko ezihlobene
UJesu
UJesu ebabheka wathi: “Kubantu...
Inkolo
Ngalokho ngithi kini: Konke...
Insindiso
Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba...
Isibi
Kepha kanazi yini ukuthi...
UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi...
Inhlupheko
Kepha uNkulunkulu womusa wonke...